𝗡𝘂𝗲_𝗦𝗮𝗺 (𝗟𝘆𝗿𝗶𝗰𝘀) - 𝗠𝗮𝘀𝗶𝘆𝗲𝗸𝗲

preview_player
Показать описание
#Nue_Sam #Masiyeke #MasiyekeLyrics #afro #afromusic #afrobeat #african

Lyrics Masiyeke:
Ngab’ung’thanda ngob’ung’thanda ngokweqiniso
Noma mhlampe uyangizwela?
Makunjalo, ‘ncono syeke
Ngoba angifuni kube sengathi ungenzela I favor
Ngab’ung’thanda ngob’ung’thanda ngokweqiniso
Noma mhlampe uyangizwela? (Mhlamp'uyangzwela)
Makunjalo, ‘ncono syeke
Ngoba angifuni kube sengathi ungenzela I favor
Kuthen'uyangincikisela
Uyangibalisela
Uyangincikisela
Kuthen'uyangincikisela
Uyangibalisela
Uyangincikisela
Amehlo ami awafuni ukuyeka ukukhala
Umqondo uyabona kepha inhliziyo iqiniso iyalesaba
Ubambo ngolwakho,amavemvane aseyazenzela lana
Im’camelo ikhathele yizinyembezi, umphefumulo sewufisa ukungishiya
Kubo bonke angithi nawe usuyangijikela
Imizwa yami usuyahluleka ukuyivikela
Amaphupho ethu asephenduke izinganekwane ,sekunokusukasukela
Unokungisukela
Impela ngeke sizwane mawuyiqhuba ngalendlela, ngeke kulunge
Nalendaba ngeke iphele kahle
Ngitshele uzizwa kanjani,izenzo zakho azenzi kahle
Ngab’ung’thanda ngob’ung’thanda ngokweqiniso
Noma mhlampe uyangizwela? (Mhlamp'uyangzwela)
Makunjalo, ‘ncono syeke
Ngoba angifuni kube sengathi ungenzela I favor
Kuthen'uyangincikisela
Uyangibalisela
Uyangincikisela
Kuthen'uyangincikisela
Uyangibalisela
Uyangincikisela
Amandla Nginawo awokuk’nakekela
Imphumela anginakweyisaba, kepha asinakwefana
Wena njalo izinto uma sezilunga lento uyayilahla, uyangimangaza
Mina njengesidomu sothando ngiyabambelela
Okwenja oyiyo,inhliziyo yami uyayisasazela
Uyangibambezela
Baningi,uthando lwami bangalufela
Wena ngamathe uyalufela
Ungixolele,nazi nezinyembezi sezikuthela
Angikaze ngicabange ukuthi izinto ziyoba nje impela
Uwena lo osungibukisa okwashung’gum ongenashukela
Kahle kahle wawung’thanda ngokweqiniso noma wawudlala nje ungisukela
Ngab’ung’thanda ngob’ung’thanda ngokweqiniso
Noma mhlampe uyangizwela? (Mhlamp'uyangzwela)
Makunjalo, ‘ncono syeke
Ngoba angifuni kube sengathi ungenzela I favor
Kuthen'uyangincikisela
Uyangibalisela
Uyangincikisela
Kuthen'uyangincikisela
Uyangibalisela
Uyangincikisela

------------------------------------
------------------------------------

Tags: Nue_Sam, Masiyeke, lyrics Nue_Sam, lyrics Masiyeke Nue_Sam
Рекомендации по теме
join shbcf.ru