Ukuganwa kwensizwa ikhulele koMalume | Impunga Yesintu TV

preview_player
Показать описание
Kulotshwe ngalesi sihloko kwincadi ethi sithin' Isintu? WhatsApp: 079 281 6849 | Call: 071 627 6343
Рекомендации по теме
Комментарии
Автор

Wow thank you Sir about this information I really really needed to hear it., it like you were speaking directly to me !!!

clivengobese
Автор

Ngibonge Nyon'Emnyama ngokuthinta lesihloko, kukaningi ngibatshela abangani bami ukuth isibongo sako malume makumele ubize sona sibize ngokuziqhenya asilona icala ngebhadi ke abaningi abanalo ulwazi oluphelele futhi basakholelwa ukuth isbongo sako malume siyihlazo abanye bathi bangathola umsebenzi ngaso lesibongo sako malume bese bezihlawula baphinde bazikhiphe bona ko malume bese ziyaqala zibhede izinto kube engath uthakathiwe kanti ibhadi lalabdwa uwena lidlula ngendlela walimbatha.

mqaphelicele
Автор

Siyabonga kakhulu bhuti wayichaza yacaca bha.

sizwemngomezulu
Автор

Mpunga yehlathi mina ngikhulele Khan mama kwathi sengiqala ukulobola ngiphakathi nakho wafika ubaba wazohlawula wangithenga ngabuyela esibongweni sake ngakhishwa ngembuzi bangemukela ngayo nangapha ngaqeda ukulobola sengingapha kithi.Zawushaya ngazama izingane Kodwa izinto Ziyala ngoba asizwani nobaba kahle futhi akafuni ukungikhipha inxiwa ngakhile umuzi kodwa akafuni ngisho ukuthi angibikele wona angaz ngenze njani izinto zam zenzeka kanzima.

thamixaba
Автор

Ngicela ukubonga Mpunga Yesintu, ngiwubuzile lombuzo. Ngiyagculiseka ngempendulo

ntokozohlatshwayo
Автор

Makwande mpunga ... makwande. Ngiyabonga, ngijike ngibongele nabanye futhi.

awgatsheni
Автор

Syalu bonga lolu lwazi baba. Kuhle ukwabelana singa phambuki

sthembisondhlovu
Автор

Manje Mpunga yami awusho, uma wahlawule nje kuphela khona-ke wenza kanjani uma sewufuna ukuganwa na.

SikhumbuzoMzobe
Автор

Kunjalo Mpunga uyihlabe skhonkosini Ngeke isanyakaza

hloniphanhlongwane
Автор

Baba Impunga! Nakhu ngine nkinga... Ngili longwe... Kodwa uma ngihamba ngyozwa kuthiwa kuthiwa angbuyele esbongwen sakubo ka mama.... Konke enginakho kuvela kulona laba abaku lesbongo engisibizayo abangboni.

Sengbikwe kwaze kwaba ka bili. Kodwa kusafana. Ngicela uphinde uythinte mnewethu indaba ye sbongo kodwa ngaphansi kwe sigaba sokuthi ilongwe lifuneke kubo ka nina.

Ngike ngaybona futhi lento yenzeka ku dadwethu, umagcina ka mamkhulu. Uthe esekwenzile. Zikhanya bha izinto zakhe. Nami sengicabanga khona manje.

Sibonge Nduna ka Ndaba ngakho konke osenzela khona mfwethu. Sikfisela neylokotho ezinhle ku 2021.

ayandasondezi
Автор

Mpunga ngyabonga ungikhululile. Ngisebenzisa isbongo sa ko malume bami. Baba wam azange azenze izimfanelo. Sengilobolile manje, unkosikazi wam ngimlethe ko malume. Sengizele ko malume.

sinalomokoena
Автор

Ngyabonga mpunga ngokugcizelela kuloko🙏

beelovilakazi
Автор

Mina ngibiza isbongo saka malume futhi ngyaziqhenya ngaso impepho ngiyshiselwa umkhulu ozala umama ongzalayo, bake bazama ukungidukisa abanye ukuth angisishintshe ngbuyele kwesababa ngenhlanhla ngiyaqaphela njengegama lami, ngabuza kwabazi isizulu basho ukuth ngobe ngiybangela amabhadi ngingalinge ngishintshe .
Ulwazi osinika lona mfoka Galaza liyisibusiso kithina esisakhula ngyabonga sengshoda ngezincwadi zakho nje.

mqaphelicele
Автор

Washa! Mpunga Yesintu, baningi abafwethu abawele kulesikhisi ngenxa yenkulumo ezahlukene insizwa ezizwa ngeningi elingakhanyiselekile ngalendima. Siyababongela asebehlabene ngalolwazi bengakonakalelwa ngenhla yokudikwa

boyceelushaba
Автор

Nam ngikhulela koMalume kodwa ngisebenzisa isbongo sika baba wathi malume kumele ngishade angikhiphe atshele idlozi ukut sengyaphuma manje sengyoqhuba isbongo sika baba naloyo Muzi wakubo baba awkho ubaba washeshe washona kumele ngiqale ngiwakhe b4 ngishade.

zonkeqina
Автор

Injengoba ubaba wakwami angichazela, sizosebenzisa isbongo sakomalume ebese later sisuka siya kwesikababa....

dondelihle
Автор

Legang eshintsha ibongo impela due to this ayiphumeleli coz if ukhulele komalume kmele yonke into uyenze khona.

mboniswakunene
Автор

Manje mekuthi ubaba womunti thizeni washona uyakwazi yini ukuthi wena msalofu uzihlawule noma akuvumelekile?

nhlanhlambuli
Автор

Omunye ubaba okhonza ekuphakameni wathi uma ungumfana wakomalume before uthathe izinyathelo zokuganwa kumele uqale umhlawulele ubaba wakho kini, umlobolele esimweni sokuthi wena njengengane yakhe ubize isibongo sakhe kodwa ke kuyazwakala ngendlela ochaza ngayo.

Mina ngicela mpunga yesintu wenze umfanekiso oqoshiwe mayelana nokuthi umlanjwana angayishisa yini impepho komalume makukuthi sekuyena omdala osele egcekeni.

kwazilucas
Автор

Iqondile ithe thwi njengothi lomkhonto! Ngoba indaba isekuzisiseni, abakini ngisho bengafika neshumi, inqobo nje uma kuvunyelwene, nokukhombisa futhi ukuthi bayazehlisa & bayakudinga kunokuthi uhambe uzisisa ( usungamane uzihlebele izingane ukuthi azigani ekuthenini kungaze kuzaleke izidalwa).

Umenjalo Qhawe lakithi.

vai_vai
welcome to shbcf.ru